UPatrice Motsepe uhamba phambili

2011-09-16 09:56

Johannesburg - Wayevame ukuphikelela ngokuba ngowokuqala ngqa kuyo yonke into lapho eseyingane – ukuba ngowesibili kwakungenele neze. Manje uPatrice Motsepe, 49, owazalelwa eSoweto usephinde wathatha indawo yokuqala, ngemva kokuba ephume phambili ngokokuqala ngqa ohlwini i-Sunday Times Rich List.

I-billionaire yokuqala ngqa emnyama yakuleli zwe inengcebo ecishe ibe ngu-R23bn, inyuke isuka ku-R19.91bn ngonyaka odlule. Kungokokuqala ngqa emlandweni waseNingizimu Afrika, ukuba umuntu ocebe kunabo bonke kuleli kube ngumuntu omnyama.

Empeleni, abaningi bakholwa ukuthi uPatrice ucebe ngisho nakakhulu kunalokho okuboniswe ohlwini lwakuleli, ngoba lona lubhekelela nje kuphela amabhizinisi akhe abhaliswe e-JSE. Iphephabhuku  leForbes limlinganisela ku-R23,4 billion okwenza abe ngumuntu ka-336 kwabacebe kunabo bonke emhlabeni. Ngakho, uwakhe kanjani umcebo wakhe? Futhi, ingubani le ndoda engabangi umsindo, egqoka amasudi amahle?

Le ndaba ungayithola yonke kwi-Drum.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...