UNdunankulu waseNorth West uzoxoxa nabe-Amplats

2013-01-17 10:01

Johannesburg - UNdunankulu waseNorth West uThandi Modise, uzohola ithimba lesiShayamthetho sesifundazwe, esiyohlangana nezikhulu zenkampani i-Anglo American Platinum.

Umhlangano uza ngemuva kwezindaba ezithi inkampani izovala amakheshi amane okusebenzela (shafts), nokungase kuholele ekudilizweni kwabantu abangu-14 000.

"UNdunankulu uModise uzosebenzisa leli thuba ukuthi aphinde abeke obala izingqinamba uhulumeni wesifundazwe abhekene nazo, ezihlanganisa kona ukulahleka kwemisebenzi kanye nobubha obusala bubheke imindeni emehlweni," kusho umkhulumeli wakhe uLesiba Kgwele.

"Isifundazwe saseNorth West saziwa njengesifundazwe esinothe nge-platinum, isilingaiso esingu-94% se-platinum yakuleli, iphuma lana. Kungase kube khona ukudonsa kanzima uma isinqumo sakwa-Amplats siphumelela."

NgoLwesibili, abasebenzi bangena esitelekeni, ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi kungase kudilizwe abasebenzi.

Isimemezelo sakwa-Amplats siza nje, abakwaHarmony Gold babeqeda ukumemezela ukuthi kuzobhekisiswa ukusebenza kwemayini iKusasalethu, eseCarletonville, njengoba ike yahlaselwa yiziteleka ezingagunyaziwe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...