'UMathunjwa wayefuna isikhundla eLonmin'

2014-09-12 09:33

Pretoria – Umengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) uJoseph Mathunjwa wathembisa ukuthi uzosiqeda isiteleka, ngo-Agasti 2012, uma enganikezwa isihlalo ekomidini leLonmin elidingida ngezindaba zamaholo, kutshelwe ikhombisana kaFarlam ngoLwesine.

Lowo owayeyisikhulu esiphezulu seLonmin, uMahomed Ismail Seedat, ukhulume ngeqhaza lakhe ngelanga lango-Agasti 16, ngaphambi kokuba kuqale umbhikisho okwashona kuwona abantu abangu-34 bebulawa amaphoyisa.

"Ngesikhathi ngingena emahhovisi amakhulu eLonmin, uJoseph wangibona ngoba sasike sahlangana phambilini ngesikhathi ngisasebenza kwi-BHP Billiton," kusho uSeedat phambi kwekhomishana ePitoli.

Funda olunye udaba: Ngiyisehluleki - Mathunjwa.

USeedat uthe wamchazela uMathunjwa ukuthi njengomuntu awayesekomidini eliphezulu eLonmin, ucelwe ukuba asize okwesikhashana.

"Ngesikhathi ngikhuluma naye ngasese, wathi wathi:  'Nginikeze isihlalo sokubayingxenye yezingxoxo ukuze ngisuse abavukuzi entabeni (koppie)’, kusho uSeedat.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...