UMandela uyayithokozela imali entsha - Marcus
2012-11-06 12:02
Johannesburg - Owayengumengameli wakuleli uNelson Mandela ujabule kakhulu ngemali yephepha entsha enesithombe sakhe eqale ukusebenza ngoLwesibili, kusho uGill Marcus esePitoli.
"Ujabule ngokweqile ngalokhu. Samkhombisa ukuthi injani, " kusho yena.
"Lena yindlela esimbonga ngayo. UMadiba uyigugu, hhayi nje kuphela eNingizimu Afrika."
UMarcus usebenzise le mali okokuqala ngoLwesibili eLynnwood Housewives' Market, empumalanga yePitoli.
"Ngokwazi kwami yimina owokuqala ukusebenzisa le mali entsha," esho.
UGill ubehaqwe yizintatheli ngesikhathi esebenzisa le mali okokuqala esitolo sezithelo.
Uthenge izinto ezihlukene zenani lika-R159.99.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA