UMalema nguyena ubhongoza - Dlamini
2012-09-13 11:01
Johannesburg - Umbiko wangoLwesine uthi ukuqhubeka nokungaboni ngasolinye kubasebenzi nabaphathi eLonmin, nosekukapakela nakwezinye izimayini kudalwa ukwahlukana kwe-ANC, kanti baholwa nguJulius Malema phambli, kusho umengameli weCosatu uSdumo Dlamini.
Umholi womfelandawonye wezinyunyana utshele iBusiness Day ukuthi lokhu okuqhubekayo yinto ekade yahlelwa yilabo abanokwelukana eqenjini le-ANC.
Laba banethemba lokuthi bazodala umsindo ku-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ezobanjelwa eMangaung ngoDisemba, ukuze iqembu liphoqeleke ukuba limsuse uJacob Zuma esikhundleni sokuba nguMengameli we-ANC.
"Siyakwazi futhi ukuthi kunabathile abakhokhela uMalema ngalokhu ukuze kufezeke izinhloso zabo,” usho kanje etshela iphephandaba.
"UMalema angaba umuntu ohamba phambili kodwa siyazi ukuthi bakhona abakhulu abamesekayo, yena nje kugadlwa ngaye.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA