UGordhan uchaza ngokunyuka kukaphethiloli

2013-02-28 10:00

Johannesburg - Amanani aphezulu kawoyela kanye nerandi elintengayo yikhona okwenza amanani kaphethiloli abe phezulu, kusho uNgqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan ngoLwesine.

"Amanani kawoyela aphezulu kakhulu," usho kanje esidlweni sasekuseni ebesihlelwe yiphephandaba iNew Age.

"Kanti futhi ngenxa yezizathu eziningi irandi lihleli ku-R8.50 kuya ku-R9 kusukela ngeledlule."

Uthe ukutenga kwerandi, kusho ukubiza kwezinto esizithenga kwamanye amazwe.

UGordhan umemezele ngoLwesithathu ngesikhathi ethula isabelomali sika-201314 ukuthi uphethiloli uzokwenyuka ngo-Ephreli 3.

Lokho kuhlanganisa ukwenyuka kukaphethiloli ngo-15 cents ilitha ngayinye kanye no-8 cents ilitha ngayinye ozoya kwiRoad Accident Fund.

Uphethiloli kulindeleke ukuba ufake u-R3.2 billion emalini engenayo ngonyakamali ka-2013/14.

UGordhan uchazile ukuthi enye imali kaphethiloli izofakwa kwi-RAF.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumele kubhungwe ngeyeziteleka - ANC

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...