UGigaba uthi ayigwemeki eyamanani kagesi
2012-11-13 12:01
Johannesburg - Ukwenyuswa kwamanani kagesi ngamaphesenti angu-16 njalo ngonyaka kuze kuphele iminyaka emihlanu, yinto engeke ize igwemeke, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezamaBhizinisi oMphakathi uMalusi
Gigaba, ngoLwesibili.
"Akukuhle kona kodwa kumele kwenzeke," kusho uGigaba ngesikhathi ekhuluma esidlweni sasekuseni eFourways.
"Ngenxa yezingqinamba ezikhona, kumele sicele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagwinye itshe kuze kube kuphumelela uhlelo lokwenza ngcono isimo."
Ngenyanga ka-Okthoba inkampani i-Eskom yafaka isicelo ngaphansi kwabakwaNational Energy Regulator of SA, becela ukwenyusa amanani ngo-16%, unyaka nonyaka kuze kuphele iminyaka emihlanu.
UGigaba uthe abantu abahlwempu kumele bavikeleke, bacatshangelwe uma bekhokhela ugesi.
U-Eskom ucele nomasipala ukuthi baqaphelisise uma bekhokhisa amanani ngogesi, kusho uGigaba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA