UGigaba akachaze ngoKona - DA

2013-02-12 16:16

Johannesburg - UNgqongqoshe wezamaBhizini oMphakathi uMalusi Gigaba kumele achaze izizathu eziholele ekutheni kumiswe isikhulu sakwaSA Airways uVuyisile Kona, kusho iDemocratic Alliance.

"Kuyakhathaza ukuthi lesi yisikhulu sesithathu kusukela ngo-2009. Indlela uKona ahlukane ngayo nenkampani iyakhathaza," kusho umkhulumeli weqembu uNatasha Michael.

"Akuzwakali ukuthi umiselweni.”

NgoMsombuluko, abakwa-SAA bamemezele ngokumiswa kukaKona, kulandela izinsolo ezithile.

Ibhodi icele isikhulu senkampani yakwaMango uNico Bezuidenhout, ukuthi kube nguye obheka umsebenzi okwamanje.

Ngonyaka owedlule, izikhulu zebhodi yakwa-SAA zashiya izikhundla zazo isigubhukane, izikhulu zihlanganisa nosihlalo uCheryl Carolus, kanti ngaphambi kwalokho kwavela ukuthi inkampani ilahlekelwe yimali elinganiselwa ku-R1.3 billion.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-13°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...