U-R300m kulingiswa imigwaqo e-E Cape

2012-11-23 10:01

Johannesburg - Sekubekwe eceleni isamba sika-R300 million kuze kuzolungiswa imigwaqo yase-Eastern Cape eyagugiswa yizikhukhula, kusho umbiko wezindaba zeDispatch Online.

Imali lena kuthiwa izosetshenziswa ezinhlelweni ezingu-30 zokwelekelela, kusukela kwahlasela izikhukhula ngo-2011, lokhu kuqinisekiswe ngumqondisi obambile eMnyangweni wezokuThutha esifundazweni uSandile Booi nemenenja yoMnyango uCraig McLachlan.

Embikweni woMnyango wonyaka, odedelwe ngenyanga ka-Okthoba, uMnyango wahlawumbisela ukuthi ukulungiswa kwemigwaqo kuzodla u-R1.08 billion.

AbakwaSA National Roads Agency Ltd (Sanral) bavuma ukuthatha ingxenye engu-4750km yemigwaqo yase-Eastern Cape, yathembisa ukwelekelela ngesamba esingu-R150 million.

UBooi noMcLachlan batshele abezindaba bathi udaba lwama-etolls yilona oluphazamise abakwaSanral, ekuxhaseni kwabo lesi sifundazwe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-25°C Sunny. Mild. Bloem: 5-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...