U-Eskom unxusa ukuthi kongiwe ugesi
2012-11-02 07:50
Johannesburg - Inkampani ephehla ugesi kuleli u-Eskom isicele abantu baseNingizimu Afrika ukuba bonge ugesi ukuze kuzoncipha inani abalikhiphayo njengoba liphezulu kakhulu.
“Sicela abantu bakuleli basebenzisane nathi behlise ngo-10% izinga lokusebenzisa ugesi phakathi kuka-17:00 no-21:00,” kusho u-Eskom.
“Lokho kuzokwenza ukuthi kube lula kithina ukulawula ukusetshenziswa kukagesi kulesi sikhathi esinzima."
Njengoba kuqale uNovemba, inani elikhona ukuhlangabezana nesikhathi sasebusuku lingu-33 088 MW kanti elidingekayo limi ku-31 648 MW.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA