U-BMW SA uzokwandisa izimoto eziya emazweni
2011-04-21 10:56
Johannesburg - Inkampani yakwa-BMW kuleli imemezele ukuthi izokhuphula inani lezimoto ezithumela kwamanye amazwe ngo-5 000 kulo nyaka.
Ngaphambilini kulo nyaka le nkampani, ekhiqiza iBMW 3-Series sedan esizindeni sayo esiseRosslyn, ePitoli, ikhuphule umsebenzi wayo ngokukhiqiza ne-3-Series xDrive four-wheel drive nezizothunyelwa kwamanye amazwe lapho kushayelwa khona ngasesandleni sobunxele.
Lezi zinhlobo zazikhiqizwa u-BMW oseMunich kuphela.
Le nkampani isiqalile nokuthumela imizimba yezimoto kwamanye amazwe.
Oyisikhulu se-BMW SA uBono Donauer uthe lolu hlelo lubaluleke kakhulu kubona.
- Sake