Thengani ama-etags - kuncenga uSanral
2012-12-13 14:02
Pretoria - Konke sekumi ngomumo ngohlelo lwe-etolling emigwaqeni yaseGauteng, kulandela ukuthi iNkantolo eNkulu ePitoli ichithe isicelo sezihlangano eziphikisayo ebezifuna luvalwe lolu hlelo.
"Isicelo siyachithwa. Ngokwami lesi sicelo angeke siphumelele," kunquma uJaji uLouis
Vorster.
UVorster uchithe isicelo se-Opposition to Urban Tolling Alliance,
wathi kumele bakhokhe nezindleko zenkantolo ezikhishwe ngabakwaSA national Roads Agency limited
(Sanral), uMnyango wezokuThutha, iHhhovisi likaMgcinimafa noMnyango wezokuThutha eGauteng.
Ngemuva kwesinqumo senkantolo, isikhulu kwaSanral uNazir Alli ubonakale ejabula nozakwabo, wase ehlaba ikhwela ethi abantu abaqale bathenge ama-etags.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA