'Thembekani ekukokheleni intela'

2012-07-03 10:00

Johannesburg - Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi bathembeke bakhokhele intela ngokufanelekile, kunxusa uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan.

Ungqongqoshe utshele abezindaba ePitoli ngoMsombuluko wathi bazolutheza olunenkume abantu abaqola intela.

"Kuze uhulumeni ezokwazi ukuhambisa ngendlela izidingo zomphakathi, kuze abantu abahlwempu bezokwazi ukuhlomula, kumele abantu abakhokha intela babe nokwethembeka, bazeke ukuthi bahola malini bese behlonipha intela," kuchaza uGordhan.

"Kunabantu abaningi abangathembekile ekukhokheni intela. Labo kumele bakumele ukubhekana nengalo yomthetho," kuxwayisa uGordhan.

Abaqoqi bentela bakwazi ukuthola nanoma ngubani obalekela ukukhokha, kusho ungqongqoshe.

"Kumele sithumele umlayezo ocacile kubahlali baseNingiizmu Afrika. Kuyokusiza wena uqobo ukwazisa ngokuphelele imali ekungenelayo kuze ungeke uzithole usubhekene nenkinga."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...