Syaqhubeka isiteleka emapulazini - Pieterse

2013-01-17 12:02

Cape Town - Asimisiwe isiteleka sabasebenzi basemapulazini eWestern Cape, kusho abeBlack Association of the Wine and Spirit Industry (Bawsi), ngoLwesine.

"Isiteleka sizoqhubeka kuze kube kutholakala isisombululo, esiyisivumelwano ngamaholo abasebenzi kuphinde kwenziwe ngcono izimo zokuphepha kwabo," kusho uNosey Pieterse, ongumengameli weBawsi.

"Abasebenzi ababuyela emsebenzini bazibeka engcupheni. Bazoxhashazwa ngabaqashi, baxoshwe kalula emsebenzini baphinde basatshiswe benganyuselwa namaholo."

UPieterse omele abasebenzi abayizinkulungwane, uthi isehlakalo sasePiket-Bo-Berg, siyingxenye yokuxhashazwa kwabasebenzi, lana umqashi uphoqe abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzini kwathi um bebuyela waxosha abangu-41.

Phambilini umfelandawonye wezinyunyana iCongress of SA Trade Unions imemezele ukuthi isiteleka simisiwe, isikhathi esiyisonto.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...