Siyaqhubeka isiteleka samabhasi eKapa

2015-02-09 13:31

Cape Town - Isiteleka samabahsi akwaMyCiti singenelele osukwini lwesithupha eKapa, ngoMsombuluko, kusho abedolobha.


"Iziphathimandla zezokuthutha eKapa zisiqaphe ngelokhozi isimo njengoba kuqhubeka isiteleka sabashayeli samabhasi abangaphansi kwe-SA Transport and Allied Workers Union abaqashwe yinkampani iTranspeninsula Investments (TPI)," kusho ilungu lekomidi leMeya lezokuthutha uBrett Herron esitatimendeni.

"Sibonge usizo esiluthole kwezinye zezinkampani zakwaMyCity nabashayeli abangaphansi kwenkampani iTPI abangasingenelanga isiteleka futhi abangasiyo ingxenye yenyunyana iSATAWU okwenze ukuba isiteleka silawuleke," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Kuhlaselwe amabhasi akwaMyCiti eKapa

Selokhu kwaqala isiteleka ngoLwesithathu ntambama yonke imizila ehleliwe kusukela phakathi kwe-T01, iCivic Centre, iTable View, iDunoon nalowo obheke enkundleni yezindiza ihamba njengokujwayelekile.

"Azikho izigemegeme zodlame ezibikiwe ngempelasonto."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...