Siyaqhubeka isiteleka sabasebenza emapulazini

2012-12-04 12:38

Cape Town - Baqalile ukubuthelana ndawonye abasebenzi basemapulazini eBoland eWestern Cape ukuqala isiteleka njengoba bekhala ngezinkinga ababhekene nazo njengabasebenzi.

Okhulumela iFarmworkers' Strike Coalition uMario Wanza uthe abasebenzi sebevele bahlangene eCeres, Citrusdal naseZolani, e-Ashton.

Abasebenzi namalungu omphakathi kulindeleke ukuthi bahlanganele eDe Doorns.

"Azikho izigameko zodlame esengizwe ngazo," esho.

Okhulumela amaphoyisa aseWorcester uCaptain Mzikayise Moloi uthe bawucishile umlilo obuqalwe ngababhikishi kanti isimo sibuyele kwesijwayelekile.

Abasebenzi bafuna ukuhola u-R150 ngelanga kuphinde kulungiswe nezindawo abahlala kuzo.

Le mibhikisho kubikwa ukuthi isisabalakele naKwaZulu-Natal.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...