Siphelile isiteleka samabhasi eGautrain

2014-04-04 12:02

Johannesburg - Abashayeli bamabhasi asebenzisana neGautrain bavumile ukubuyela emsebenzini ngoLwesihlanu, ngemuva kwamahora ambalwa bengenele isiteleka, kusho inkampani ebhekele ukusebenza kweGautrain iBombela.

"Wonke amabhasi asesebenza njengokujwayelekile," kusho isikhulumi seBombela u-Errol Braithwaite.

Abanye abashayeli bangenele isiteleka esingekho emthethweni eGoli ngoLwesihlanu ekuseni, befuna amaholo angcono.

Ngasekuqaleni kwesonto, abashayeli beRea Vaya bashiya abagibeli besele dengwane izinsuku ezine eGoli.

Babefuna kuyekwe indaba yokuqasisa ngabasebenzi, kubuyekezwe indlela yokuziphatha, abasebenzi abadala bazikhethele izikhathi zokusebenza, kuphinde kubandakanywe inyunyana uma abasebenzi abasha baziswa ngemigomo yokusebenza nokunye.

Abashayeli bamabhasi eRea Vaya kulindeleke babuyele emsebenzini ngoLwesihlanu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...