Simanzonzo isimo eDe Doorns

2012-11-12 12:01

Johannesburg - Abantu abayishumi nanye abakade beyingxenye yababhikishi eDe Doorns, baboshiwe ngesikhathi amaphoyisa ezama ukulungisa isimo esinodlame, kusho amaphoyisa eWestern Cape.

"Asisihle kahle isimo eDe Doorns, namanje simanzonzo," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut.

Kuqubuke udlame oluhlanganisa abantu abangu-80, abakade behlome ngezinduku nezizenze, bevimba abanye abakade bethi baya emsebenzini emapulazini kule ndawo.

"Sithathe izinyathelo," kusho uTraut.

Abezindaba zakwaSABC, babike ukuthi amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuzama ukuhlakaza ababhikishi, abantu abayishumi baboshelwe ukudala udlame emphakathini kwathi oyedwa waboshelwa ukwesabisa.

Okhulumela i-African National Congress esiShayamthetho saseWestern Cape, uKoos Grobler uthi utshelwe yikhansela leqembu, endaweni lathi amaphoyisa ahlakaza kwasixuku sabantu ababonakala behambisana.

Ngesonto eledlule, ababhikishi bavala umgwaqo uN1, baphinda bashisa namapulazi, bathi bafuna ukwenyuselwa amaholo asuke ku-R69.99 ngosuku, abe ngu-R150.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...