Sikahle isimo samabhange akuleli - Marcus
2012-10-10 16:39
Johannesburg - Amabhange aseNingizimu Afrika ahamba ngendlela, phezu kokuthi kunesimo esingesihle somnotho esihlasele amazwe omhlaba, kusho uMengameli weSA Reserve
Bank, uGill Marcus.
"Kumele sikusho ukuthi sihamba ngendlela isimo samabhange ezweni, alukho futhi usizo oseluke lwanxenxwa kuhulumeni. Izinto nje zihamba ngendlela," kusho uMarcus ngesikhathi ethula inkulumo eGrahamstown.
Umengameli uthe isimo esingesihle somnotho esiqhubeka emazweni omhlaba, imvamisa siba nomthelela ongemuhle, uthe kubalulekile ukuthi kube nohlelo oluzinzile olulandelwayo.
"Ngaphandle kokulandelwa kohlelo oluphusile, umnotho ungafadalala kalula. Uma abantu bengase baphelelwe ngukwethemba izikhungo ezigcina imali noma amabhange, nalokho kungawubulala umnotho," kuchaza yena uMarcus.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).