Samukelwe ngezimhlophe isinqumo seLonmin

2012-09-19 14:09

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu isamukele isivumelwano esiholele ekupheleni kothuthuva obese luqhubeke amasonto ayisithupha eLonmin.

"Sikholwa ukuthi ukuthula nokuphepha kuzobuyela endaweni eyejwayelekile kule mayini nasemphakathi oyakhele," kusho iCongress of SA Trade Unions (Cosatu), nedlelana neNational Union of Mineworkers (NUM) nethole okukhulu ukugxekwa ngabavukuzi abaningi abebesesitelekeni.

Lesi siteleka sinqamuke ebusuku ngoLwesibili, ngesikhathi abasebenzi nenkampani befinyelela ekuboneni ngaso linye.

"Ngengoba iCosatu ibilokhu ikugxeka ukubulawa kwabantu nokusatshiswa kwabasebenzi abebengatelekile, besisibona isidingo sezimfuno zabasebenzi kanjalo nezimo abasebenza ngaphansi kwazo ezingezinhle," kuqhuma isitatimende.

Lo mfelandawonye uthi uthemba ukuthi nezinye izinkampani zizobukela kulo-22% okunyuselwe ngawo abasebenzi amaholo eLonmin.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...