Owe-ANC uxolise ku-Amplats

2013-01-24 14:08

Johannesburg - USotshwebhu we-ANC uMathole Motshekga ngoLwesine uxolisile ku-Impala Platinum (Implats) ngokuthi athi ifuna ukudiliza abasebenzi abangu-14 000.

"Empeleni i-Anglo American Platinum ehlela ukudiliza abasebenzi,” kusho uMotshekga esitatimendeni.

"Siyaxolisa ku-Implats ngomonakalo odalekile, ngiyathemba nabezindaba bazokudlulisa lokhu.”

UMotshekga wenze iphutha esitatimendeni sangoLwesithathu ngesikhathi ethi kudingeka uMengameli uJacob Zuma angayishayi mkhuba incwadi abhalelwe yona umhloli weDA ePhalamende uLindiwe Mazibuko, lapho ebethi khona encwadini, ucela uZuma abonakalise ubuholi bakhe.

Ngeledlule, i-Anglo American Platinum yamemezela izinhlelo zayo zokumisa ukusebenza emigodini yayo emine -- iKhuseleka One ne-Two, kanye neKhomanani One ne-Two, yonke eseRustenburg, okungabangela ukuba abantu abangu-14 000 balahlekelwe yimisebenzi yabo.

Inkampani ithe imbangela yokuvalwa kwemigodi ukuthi bakwazi ukwenza inzuzo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...