Ngeke ihlengeke imisebenzi - Amplats

2013-02-20 16:38

Johannesburg - Mancane amathuba okuthi kugwemeke ukulahleka kwemisebenzi engu-14 000, phezu kwezingxoxo ezikhona eziqhubeka phakathi kukahulumeni, abakwa-Anglo American Platinum (Amplats), kanye nezinyunyana, kusho isikhulu senkampani i-Amplats uChris Griffith.

Isikhulu lesi sitshele iPhalamende sathi izingxoxo kuhloswe ngazo ukuthi kutholakale uxhaso olungasiza kugwemeke ukulahleka kwemisebenzi.

Usihlalo wekomidi ebelilalele izingxoxo uFred Gona uthi bafuna kube nezithelo ezinhle.

"Angeke kwaba kuhle ukuthi kuphinde kulahleke eminye imisebenzi engu-14 000, njengoba izwe livele libhekene nokungabi khona kwemisebenzi,” kusho uGona.

UGriffith uthi mancane amathuba okuthi kuhlengwe le misebenzi.

"Inkampani kudingeke ukuthi ibhekisise ukusebenza kwayo, angibona kukhona okungenziwa ukusiza. Inkampani ayisenzi nzuzo.”

Usho lokhu nje uGriffith, abavukuzi basemayini eseRustenburg, batshelwe ukuthi kumele babuyele emsebenzini kulandela ukuma ngesonto eledlule.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...