Nelakuleli liyathinteka kweyakwaBMW
2012-03-27 12:01
Durban - Amakhasimende akuleli nawo ayathinteka kulandela ukuthi inkampani ekhiqiza izimoto uBMW icele ukuba kubuyiselwe zonke izimoto zohlobo lwe-5 ne-6 Series zika-2003 kuya ku-2010, kubika iNewswatch.
I-BMW SA ithe kungenzeka ukuthi kunenkinga ngekhava ye-battery ebhuthini lemoto.
Le nkampani yaseGermany ithi lokhu uma kungalungiswa kungase kudale izinkinga zikagesi nokungaholela ekutheni imoto ingadumi noma kugqamuke umlilo emotweni.
Okhulumela le nkampani, uGuy Kilfoil, uthe abanikazi bezimoto bazokwaziswa ngezincwadi, becelwa ukuba babuyise izimoto zabo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24