Likhishiwe elinye iqeqebana labavukuzi
2012-09-06 16:32
Johannesburg - Iqeqebana lesibili labavukuzi elaboshwa ngemuva kodlame eMarikana lidedeliwe ngoLwesine yiNkantolo yaMantshi yaseGa-Rankuwa.
IMantshi u-Esau Bodigelo idedele laba bavukuzi abangu-102 ngebheyili yamahhala.
"Amacala okubulala nawokuzama ukubulala ebenithweswe wona asehoxisiwe kanti manje nizodedelwa ngesexwayiso,” kusho uBodigelo.
"Amanye amacala ahlobene nokwenzeka eMarikana ayahlehla. Nizophinde nivele eNkantolo ngonyaka ozayo ngoFebhuwari 12,” usho kanje.
Abanye abangu-162 badedelwa ngoMsombuluko.
Bangu-270 abantu ababoshwa ngokudala udlame emphakathini ngemuva kokuba amaphoyisa evulele ngenhlamvu kubavukuzi ababetelekile bebuthanele entabeni eMarikana, eNorth West, nalapho okwabulawa khona abantu abangu-34 kwalimala abangu-78 ngo-Agasti 16.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA