Lehlile izinga labangasebenzi - StasSA

2015-02-10 13:31

Pretoria - Lehle ngo-1.1% izinga labantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi esigabeni sesine sonyaka ka-2014, lehlela ku-24.3%, kusho iStatistics SA ngoLwesibili.

"Ngokwezigaba zonyaka, lehlile izinga labantu abangasebenzi,” kusho iphini likamqondisi wezibalo zabantu uKefiloe Masiteng, etshela izintatheli ePitoli.

Funda nalolu daba:  'Ukucima kukagesi kulimaze umnotho'

Bangu-242 000 abantu abathole imisebenzi esigabeni sesine sonyaka ngonyaka odlule, kanti bangu-4.9m abantu abebengasebenzi ngesigaba esifanayo.

Lezi zibalo zabantu abangasebenzi ngezalabo abaqhubekayo nokufuna imisebenzi.

Uma sekubalwa nalabo asebaphosa ithawula lokufuna imisebenzi, izinga limi ku-34.6%, okungabantu abangu-8.1m.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...