Kwehlile 'ukushaywa' kwamakhadi

2012-11-20 14:05

Midrand - Ezweni lonke izibalo zithi behlile ubugebengu bokuqolwa kwamakhadi asemabhange, kusho abakwaSA Banking Risk Information Centre (Sabric), ngoLwesibili.

Ubugebengu bamaCredit Card kusukela ngoJanuwari kuya kuSepthemba behle ngo-18%, kongeka imali elinganiselwa ku-R300.6 million, lezi zibalo ziqhathaniswe nezangesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule, kusho imenenja kwaSabric uSusan Potgieter.

Ubugebengu obuhlanganisa amaDebit Card bona behle ngamaphesenti ayisikhombisa.

UPotgieter utshele abezindaba wathi kumele kunconywe imizamo yamabhange ngokwehla kwalolu hlobo lobugebengu, uthe amabhange ahlale njalo eqwashisa amakhasimende awo.

Izibalo namanje zilokhu ziphezulu eGauteng, njengoba kwenziwe ubugebengu obulinganiselwa ku-54%.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 9-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...