Kwehlile ukuqashwa kwabantu - Adcorp

2013-02-11 12:01

Johannesburg - Kwehlile ukuqashwa kwabantu eNingizimu Afrika, ngenyanga kaJanuwari, kusho umbiko wocwaningo lwabakwa-Adcorp Employment Index.

Umbiko wesitatimende somcwaningi uLoane Sharp, uthi izibalo zokuqashwa kwabantu zehle ngo-3.2% ngenyanga kaJanuwari.

"Ukulahleka kwemisebenzi kwenzeke kuyona yonke imikhakha kulaba abayitoho kwathi kulaba abasebenza ngokugcwele kwehla ngo-5.3%, nokusho ukuthi kulahleke imisebenzi engu-40 232," kusho isitatimende.

"Izibalo ezihlanganisiwe zithi bangu-80% abantu abalahlekelwe wumsebenzi ngenyanga eyedlule."

Izibalo ziyaqhubeka zithi abantu abalinganiselwa ku-30%, bahlulekile ukudalula izimali zabo kwbaakwaSA Revenue Service (Sars), kanti abanye bakhipha imininingwane engasilo iqiniso ngamaholo abo, ngesikhathi kwenziwa izibalo zakwaStatistics SA.

"Umbiko wabaqoqi bentela uthi abantu abasemazingeni amukelekile empilo, bahola isamba esingu-R266 641 ngonyaka, nokho ezibalweni zakwaStats SA abantu bathi bahola isamba esingu-R193 325 ngonyaka, okuyisibalo esingaphansi ngo-28%."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...