Kuzophela umsebenzi kwaHonda

2013-01-11 14:27

Tokyo - Inkampani yezimoto yaseJapan, iHonda ithi izodiliza abasebenzi efemini yayo ese-United Kingdom, njengoba ingenzi kahle e-Europe ekudayiseni izimoto zayo.

IHonda Motor Europe ithi ukungathengisi kahle kwezimoto zayo e-Europe ngenxa yezinkinga zomnotho ezibhekene nezwekazi, yikhona okuyimbangela yokulahleka kwemisebenzi engu-800 kwengu-3 500.

Lesi sikhungo sikhiqiza izimoto zohlobo lweCivic, iJazz kanye neCR-V.

IHonda selokhu yaqala ukukhiqiza izimoto eBritain kusukela ngo-1992,  zibalelwa ku-165 000 izimoto ezenziwa eSwindon ngonyaka odlule, nakuba inomthamo ongakwazi ukukhiqiza ezingu-250 000.

Lesi sinqumo size nakuba kunezindaba ezinhle kulemboni.

ISociety of Motor Manufacturers and Traders kulelisonto ibike ukuthi ukudayiswa kwezimoto ezintsha e-UK kudlulile ku-2 million ngonyaka owedlule, okungukwenza kahle selokhu kwagcina ngo-2008.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISarb izophenya nge-African Bank

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...