Kuzomasha abasebenzi beForbes eKZN

2012-11-02 12:39
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abasebenzi abatelekeile bemayini iForbes Coal bazomasha besuka eDundee Town Hall beya emahhovisi enkampani njengoba benxenxa ukunyuselwa amaholo kanjalo nokuzwakalisa ukungenami ngokubulawa kwabasebenzi ababili, kusho iNUM.

"Sizoqhubeka nokuzwakalisa izikhalazo zethu kuze kube ziyezwakala," kusho uNobhala weNational Union of Mineworkers (NUM) KwaZulu-Natal uBongani Manyoni.

Kusamisiwe ukusebenza eForbes & Manhattan Coal nasemayini i-Aviemore, eDundee, ngemuva kokuthi abasebenzi ababalelwa ku-750 beye esitelekeni ngaphansi komthetho iLabour Relations Act, kusho le nkampani.

UManyoni uthe izimfuno zabasebenzi ziyafana.

Bafuna ukunyuselwa amaholo, ukulungiswa kwezindawo abahlala kuzona, ukunikezwa isibonelelo esibafanele bese inkampani ihambelana nemithetho yemboni yezimayini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...