Kuzolahleka imisebenzi emapulazini
2013-02-07 08:10
Johannesburg - Babalelwa okungenani ku-2 000 abasebenzi basemapulazini esebenikezwe izincwadi ezibazisa ngokuphelelwa ngumsebenzi, kusho umbiko weBusiness Day ngoLwesine.
Lokhu kulandela ukuthi kubekwe iholo eliyisiqalo ekumele liholelwe abasebenzi.
Iphephandaba libike ukuthi abahlaziyi bayizinkulungwane abanye abasebenzi abangase balahlekelwe yimisebenzi uma sekuqala ukusebenza komthetho wokuthi abasebenzi baholelwe okungenani u-R105 ngosuku, kusukela ngoMashi.
UNobhala we-Agricultuiral Machinery Association uJim Rankin
utshele iBusiness Day ukuthi kulindele ukuthi abalimi babhekisise izinto ezingabasebenzela kulandela imibhikisho yokufuna amaholo aphezulu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA