Kuzodilizwa abavukuzi eFlourspar

2012-10-19 16:32

Johannesburg - Balinganiselwa ku-220 abasebenzi basemayini iFluormin's Witkop fluorspar, eNorth West, abazodilizwa uma kuphela unyaka, kusho inyunyana yabasebenzi iSolidarity.

Inyunyana ithi imayini lena inabasebenzi abangu-225, abangu-38 kubona bangamalungu enyunyana iSolidarity.

Imibiko ithi imayini izama ukwehlisa umkhiqizo, ngalokho iyaphoqeka ukuthi idilize abasebenzi.

Isikhulu kwezezimali enkampanini uJohn Cronje, ukuqinisekisile ukuthi kukhona abasebenzi abazodliwa yizembe, umkhulumeli weSolidarity Moira-Marie Kloppers uthe inyunyana isazohlangana nenkampani kukhulunywe ngokudilizwa kwabasebenzi.

"Uma kukhulunywa nabasebenzi ngezindaba zokudiliza, kumele kuqalwe kubhekwe kuqala ukuthi ayikho yini enye indlela ekungenziwa ngayo kuvinjwe ukudiliza," kusho isitatimende sikaKloppers.

"Abasebenzi bazobhekana nokhisimusi omnyama," kusho uKloppers




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 12-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...