Kuzocaciswa ngesicelo sika-Eskom

2013-02-26 08:02

Johannesburg - Isinqumo ngesiphakamiso sakwa-Eskom sokuba kunyuswe amanani kagesi sizomenyezelwa ngoLwesine, kusho iNational Energy Regulator of SA (Nersa).

INersa izokwenza isimemezelo esithangabini sabezindaba ePitoli, kusho le nhlangano ngoMsombuluko.

U-Eskom wafaka isicelo sokuba kwenyuswe amanani kagesi ngo-16% iminyaka emihlanu ezayo, nokuyinto ezokwenza amanani aphindeke ngaphezulu kwalokhu okuyikho okwamanje, azosuka ku-61 cents i-kilowatt ngehora ngo-2012/13, aye ku-128 cents i-kW/h ngo- 2017/18.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uTrevor Manuel wakhipha isexwayiso ngokunyuka kwamanani kagesi ngesikhathi ekhuluma kwi-National Development Plan eKapa ngeledlule.

Wathi ukwenyuka kwamanani ezinto eziyizidingo, njengogesi, kumele kunqandwe.

INational Union of Metalworkers of SA (Numsa) nayo yavuma ukuthi asamukelekile isiphakamiso sokwenyuswa kwamanani kagesi.

"Siyakwamumela ukungahambisani nesiphakamiso okwenziwe ngugqongqoshe uManuel," kusho iNumsa esitatimendeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...