Kuzobuyelwa emsebenzini eKusasalethu

2013-02-14 16:08

Johannesburg - Inkampani iHarmony Gold ithi kuzobuyelwa emsebenzini emayini iKusasalethu, kusho isitatimende senkampani ngoLwesine.

Lokhu kuza ngemuva kokuphumelela kwezingxoxo phakathi kwabasebenzi nabaqashi, umsebenzi ungase uqale ngoLwesihlanu (kusasa).

"Zonke izinhlaka zivumelene ngokuthi ivulwe imayini, bonke abathintekayo bathi kumele kuqiniswe ezokuphepha kwabasebenzi, " kusho isitatimende sabakwaHarmony.

Le mayini engaseCarletonville, ibivaliwe emasontweni ambalwa evule, ngemuva kokuthi abasebenzi bangena esitelekeni ngenyanga kaDisemba.

Izingxoxo ngaphansi kwesigaba-189 weLabour Relations Act, zaqala mhlaka-7 Januwari, ziphakathi kwabenkampani iHarmony kanjalo nenyunyana emele abasebenzi baseKusasalethu.

Inkampani ithi abasebenzi bazosayina phansi, bezibophezele emigomeni yokusebenza nasekuqinisekiseni ukuthi imayini iKusasalethu iba yimayini enokuphepha.

Kulindeleke ukuthi kuqokwe ikomidi elizoqinisekisa ukuthi kuyagcinwa konke ekuvunyelwenwe ngakho.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...