Kuzobhikisha abasebenzi eHarmony
2013-01-24 08:00
Johannesburg - Abasebenzi baseHarmony Gold, emayini iKusasalethu bahlela ukugxoba itoyitoyi bemelene nokudilizwa kwabasebenzi nokukhishwa kwabo emahostela.
NgoJanuwari 3, le mayini yavala amasango yazisa abasebenzi ukuthi izovalwa kuze kuphume esinye isimemezelo.
Babalelwa ku-500 abasebenzi abanqatshelwa ukungena ehostela, nokwaphetha ngokuthi balale ngaphandle kwamasango.
Le nkampani yamisa ukusebenza ngoDisemba, kodwa yathi izoqhubeka nokukhokhela abasebenzi imiholo yabo.
Ngokwemininingwane yenkampani, babalelwa ku-5 200 abasebenzi abazothikamezeka uma le mayini ivala thaqa.
Iphephandaba iBusiness Day lisanda kubika ukuthi abasebenzi banikezwe kuze kube ngoMashi 7 ukuba balungise izinkinga zabo noma babhekane nokudilizwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA