Kuyasolisa eyokufihlwa kweye e-tolling - DA
2012-10-15 12:02
Johannesbdurg - Imininingwane yenkontileka ye-electronic toll collection (ETC) akumele ibe yimfihlo, kusho i-Opposition to Urban Tolling Alliance (Outa) ngoMsombuluko.
"Akumele kube yimfihlo. Imali yabakhokhibentela lena esetshenziswe ukukhokhela ama-tolls, ngakho abakhokhi bentela kumela bazi ukuthi imali yabo yenzani," kusho uSihlalo we-Outa, uWayne Duvenage.
Kodwa akukho abengakwenza ngemuva kokuba i-Outa ivumile ukusayina isivumelwano esiyimfihlo, kusho uDuvenage.
Uthe lena bekuyiyona ndlena i-Outa ebingakwazi ngayo ukuthola ngenkontilela ye-ETC ukuze ilungiselele ukufaka icala enkantolo.
Ngenyanga edlule, iNkantolo yoMthethlsisekelo yasiguqula isinqumo esivimbela ukusebenza kwe-etolling.
I-Democratic Alliance ithe ukusayinwa kwesivumelwano esiyimfihlo kuyasolisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA