Kuthiwa i-NUM yayingafuni kwenyuswe amaholo

2013-02-08 14:03

Rustenburg - Inyunyana yabasebenzi basezimayini iNational Union of Mineworkers iyaphika ukuthi yaphazamisa ukukhishwa kwamaholo abavukuzi basemayini yeseLonmin eMarikana, kusho ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.

"I-NUM ayisoze yaba nenkinga uma abasebenzi benikwa imali, ingaba mhlampe nenkinga ngohlelo olusetshenziswayo kodwa hhayi ukwenyuswa kwemali," kusho umengameli wenyunyana uSenzeni Zokwana.

Ummeli wabavukuzi uDali Mpofu utshele ikhomishana ukuthi abavukuzi bakholwa wukuthi inyunyana i-NUM yayingahambisani nokuthi benyuselwe amaholo.

Uthi yileso isizathu esaholela ekutheni abavukuzi bangene esitelekeni, mhlaka-11 Agasti.

Kuthiwa umkhulumeni wabasebenzi osenyunyaneni i-NUM, wakhwela wadilika kubasebenzi ababamba umbhikisho.

UMpofu uthi isiteleka sasibanjwe ngabantu abakwi-NUM, abakwi-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) kanye nabangekho ezinyunyaneni.

Ikhomishana iyaqhubeka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UNene unikeze abahlwempu ithemba

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...