Kushone umvukuzi waseMozambique e-Amplats
2012-11-13 12:01
Johannesburg - Isidumbu somvukuzi ongowaseMozambique sitholakale emagcekeni eAnglo American Platinum's (Amplats) emayini i-Amandelbult ngemuva kokushaywa kwabavukuzi abaningi, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.
"Ngesikhathi bebuya emsebenzini bahlaseliwe bashaywa ngamatshe," kusho uLieutenant Colonel Ronel Otto.
Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko.
Isidumbu sendoda eneminyaka engu-56 ubudala sitholakathe kule ndawo engasehostela labavukuzi.
Abanye abashayiwe balimale kanzima, kusho yena.
Amaphoyisa athole ukuthi lona ubengeyona ingxenye yesiteleka.
Kwesinye isigameko emayini ye-platinum, naso esenzeke ngoMsombuluko, kuboshwe abantu abangu-22 kulandela ukuhilizisana okube khona phakathi kwabavukuzi abatelekile, amaphoyisa kanye nonogada.
U-Otto uthe laba bazovela enkantolo eNortham ngamacala okudala udlame emphakathini.
Okwamanje akakalazi ilanga abazovela ngalo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA