Kushaywe imoto yakwaSABC eDe Doorns

2013-01-14 12:07

Cape Town - Imoto yakwaSABC ishaywe ngamatshe, ishaywa ngabasebenzi abatelekile basemapulazini eDe Doorns eWestern Cape ngoMsombuluko, kubike iSABC.

Izindaba zomsakazo weSABC zibike ukuthi  ithimba labo belikhuluma nabasebenzi abatelekile emijondolo yaseStofland ngesikhathi imoto yabo ishaywa ngamatshe.

Kuboniswe isithombe sewindi lemoto elifile kuTwitter.

Akekho okubikwe ukuthi ulimele.

Enye imoto yentatheli nayo yalinyazwa ababhikishi. Imoto okungeyentatheli ye-Independent Newspapers, yabhekiswa phezulu eDe Doorns yathungelwa ngomlilo ngoLwesithathu olwedlule.

Phambilini, amaphoyisa athe elinye iphoyisa ebelihamba ngezinyawo lihlola isimo, lihlaseliwe khona eDe Doorns ngoMsombluko ekuseni.

UWarrant Officer November Filander uthe kuhlaselwe amaphoyisa ngesikhathi eqaphe isimo ngezithuba zabo-03:00 ekuseni.

"Ngibikelwe ukuthi amaphoyisa kudingeke ukuba asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku,” esho.

Kuboshwe abathathu ngodlame emphakathi. Oyedwa utholakale ephethe insangu.

"Izindawo zasemapulazini ezikhungethwe yisiteleka zisathule okwamanje. Amaphoyisa asaziqaphile izindawo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Simanzonzo isimo ngesiteleka sasePosini

Emizuzwini eyi-5 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...