Kusha umsebenzi emayini iKusasalethu
2012-10-25 12:00
Johannesburg - Babalelwa ku-5 400 abasebenzi basenkamapnini iHarmony Gold abatheleke emsebenzini ngoLwesine ekuseni, kulandela ukuhlala isikhathi eside emakhaya bengene esitelekeni esingaphasisiwe.
Inkampani ibinqume ugwayi katiki inqumele laba basebenzi basemayini iKusasalethu, ngaseCarletonville.
"Sithokozile kakhulu ngesilinganiso sabasebezi abakhona,” kusho okhulumela inkampani iHarmony Gold, uMarian van der Walt.
"Sithe akubuye bonke abasebenzi, asinaso isibalo esiqondile salaba abakhona, nokho baningi abasebenzi abakhona.”
NgoLwesibili inkampani yabika ukuthi isilahlekelwe yizilinganiso segolide elingu-13 000 ounces, njengoba abasebenzi bebengene esitelekeni, inkampani iHarmony Gold iyinkampani yesine ngobukhulu emhlabeni, ezinkampanini ezikhiqiza igolide.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).