Kusazolokhu kuvaliwe eKusasalethu

2013-01-07 15:03

Johannesburg - Inkampani iHarmony Gold, izolokhu ilivalile igatsha layo emayini iKusasalethu, njengoba kulindeleke ukuthi inkampani idilize.

IHarmony ithi isiqalile ukulandela umyalelo wesigaba -189, ngaphansi kweLabour Relations Act.

"Izikhulu zilandela umthetho njengoba kucaca ukuthi akukho ukubuyela emuva ngesimo senkampani,” kusho isitatimende senkampani.

Omunye wabasebenzi usigxekile isinqumo sokudiliza wathi lokhu kwakungagwemeka ukuba kwahlalwa phansi kwaboniswanwa, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi ngenyanga kaDisemba.

IHarmony Gold yangenelwa yimali elinganiselwa ku-R134 million, ivela engxenyeni yeKusasalethu, ekoteni yesithathu yonyaka owedlule.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...