Kusakubi eHex River Vallley

2012-11-16 12:01

Johannesburg - Ababhikishi abanolaka bahlasele izitolo bashisa namabhilidi aseSwellendam, eHex River Valley, eWestern Cape, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

"Sithole umbiko othi kunodlame oluqhubekayo ababhikishi bashisa izitolo, nokho njengamanje isimo siyalawuleka," kusho okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant General Andre Traut.

UTraut uthi amaphoyisa aqaphe isimo ngeso lokhozi, imibiko ithi kuvalwe imigwaqo njengoba ababhikishi beshisa amathayi emgwaqeni futhi bebeke namatshe.

Izindaba ze-eNews Channel Africa (eNCA), zithi kushiswe izitolo ezithengisa utshwala kanjalo nebhusha eSwellendam.

Umbiko uthi ulinganiselwa ku-R120 000 umonakalo odalekile ebhusha, uqhubeke uthi kwebiwe isamba semali engu-R30 000, abezindaba ze-eNCA bathi amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...