Kuqhume inganono eDe Doorns

2013-01-14 10:03

Cape Town - Kusa ngoMsombuluko, amaphoyisa aseWestern Cape asedubule ngezinhlamvu zenjoloba ebhekise kubabhikishi basemapulazini aseDe Doorns, abafuna ukukhushulelwa amaholo.

"Ababhikishi abaseDe Doorns baqale umbhidlango ngezithuba zawo-03:00 ngoMsombuluko ekuseni (namhlanje). Amaphoyisa azame ukubavimba ngokuthi adubule ngezinhlamvu zenjoloba," kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer November Filander.

"Kunabantu ababoshiwe, okwamanje ayikabi khona imininingwane eyanele, ngaphandle kokuthi sazise ukuthi amaphoyisa aqaphe isimo ngeso lokhozi."

Abasebenzi basemapulazini aseDe Doorns, eWestern Cape, bafuna ukwenyuselwa amaholo asuke ku-R69 aye ku-R150 ngosuku.

Isiteleka saqala mhlaka-27 Agasti ngonyaka owedlule sase siyamiswa, siphinde saqala phansi mhlaka-4 Disemba.

Kusukela siqale kabusha isiteleka, sekuboshwe abantu abaningi kwashiswa nemoto yentatheli.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...