Kuphenywa ngomkhonyovu wenyama

2013-02-28 14:02

Johannesburg - INational Consumer Commission izophenya ngodaba lokubhalwa okungeyikho emikhiqizweni, kusho obambe kwesokulumela uhulumeni uPhumla Williams ngoLwesine.

Ekhuluma nabezindaba kulandela umhlangano weKhabhinethi ebungoLwesithathu, uthe ikomidi eliphezulu liyizwile imibiko yamanga abhalwa emikhiqizweni yenyama.

"I-Consumer Protection Act inendlela eyibekile yokumaketha izimpahla,” usho kanje.

"Kubekiwe ukuthi abadayisi bempahla akumele bakhangise into engesilo iqiniso.”

Ngokomphumela wocwaningo olwenziwe eStellenbosch University, uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uRob Davies usecele iNational Consumer Commission ukuba yenze uphenyo ngokushesha.

Ngokocwaningo olwenziwe ososayensi baseStellenbosch University, kutholakale inyama yembuzi eyembongolo neyezinye izilwane, ekudleni okufana namasoseji, umqwayiba, ama-burger kanye ne-mincemeat.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...