Kunwetshwe umnqamulajuqu wabavukuzi

2012-11-12 10:00
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Unwetshelwe uLwesithathu umnqamulajuqu obekelwe abasebenzi basemayini yakwa-Amplats, eRustenburg, abakade betshelwe ukuthi ababuyele emsebenzini ngoMsombuluko, kusho umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCongress of SA Trade Unions (Cosatu).

"Sibe nesivumelwano nesikhulu sakwa-Anglo American Platinum, uChris Griffith, savumelana ngokuthi abasebenzi babuyele emsebenzini ngoLwesithathu," kusho uNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi, ekhuluma emsakazweni iSAfm.

"Ntambama ngoMsombuluko, sizohlangana nabasebenzi abasesitelekeni, bacele ukuthi kube nomhlangano."

Abasebenzi bakwa-Amplats bangena esitelekeni kusukela mhlaka-12 Septhemba, bafuna ukwenyuselwa amaholo afinyelele ku-R16 000 ngenyanga.

Inkampani yaxosha abasebenzi abangu-12 000, ngemuva kokuthi bahluleke ukuvela ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa kwezigwegwe, kuze kube manje, kuqhubeka izingxoxo zokuzama ukubuyisela laba emsebenzini.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...