Kungase kusayinwe isivumelwano ezimayini

2012-10-23 10:28

Johannesburg - Kulindeleke ukuthi ngoLwesine izimayini nezinyunyana zisayine isivumelwano sokubuyisa uzinzo embonini yezimayini, kusho iChamber of Mines ngoMsombuluko.

"Okumele sikwenze manje ukuzama ukuletha uzinzo ezimayini zegolide sibuyisele le mboni esimeni esejwayelekile," kusho u-Elize Strydom weChamber of Mines esitatimendeni.

IChamber of Mines, emele i-Anglogold Ashanti, Gold Fields, kanye neHarmony Gold, ihlangane neNational Union of Mineworkers, iSolidarity, ne-Uasa ngoMsombuluko.

UStrydom uthe bavumelene ngalokho abahlose ukuba kusayinwe ngoLwesine, izingxoxo zangoMsombuluko zihambe kahle kanti ziphume nesisombululo esisodwa sokuba kuqedwe iziteleka ezingekho emthethweni ngokushesha.

"Kujabulisa kakhulu ukuthi iningi labasebenzi selibuyele emsebenzini kanti neziteleka eziningi seziphelile," kuqhuba yena.

Abavukuzi bangenela isiteleka ngoSepthemba befuna amaholo aphakathi kuka-R12 500 noR16 000 ngenyanga.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-28°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 20-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...