Kungase kulahleke eminye imisebenzi ezimayini

2012-12-14 08:08

Johannesburg - IChamber of Mines ithi umkhakha wezimayini uzolahlekelwa yizinkulungwane zezikhala zemisebenzi uma i-ANC inquma ukunyusa intela yezimayini, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

"Kuzochaza ukuthi ezinye izimayini kuzomele zingasaqhubeka nomsebenzi, kanti lokho kulinganiselwa emashumini ezinkulungwane zemisebenzi engalahleka," kusho isikhulu seChamber of Mines uBheki Sibiya ekhuluma neBusiness Day.

"Ukuxhumana kwethu ne-ANC kuzoshuba kakhulu ngemuva kweMangaung."

Ingqungquthela yokuqokwa kobuholi ye-African National Congress nezoqala ngeSonto, izobe igoqa ngemigomo ezosetshenziswa nguhulumeni.

Leli phephandaba libike ukuthi leli qembu lingase linqume ukusebenzisa umthetho wentela yezimayini othi mazikhokhe u-50% wenzuzo uma imali engenile ikhuphuike ngo-15% kwejwayelekile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 11-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...