Kumele abuyise ithemba uGordhan - Sacci

2013-02-21 16:16

 Cape Town - AbakwaSA Chamber of Commerce and Industry (Sacci), bathi uNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uPravin Gordhan kumele abuyise ithemba kubatshalizimali, uma esethula isabelo zimali sakhe.

ISacci ithi kumele kubekwe obala zonke izinhlelo zikahulumeni zokusetshenziswa kwezimali zabakhokhi bentela, kuphinde kucaciswe nangeNational Health Insurance kanye nentela.

Kumele ungqongqoshe achaze ukuthi uhulumeni uzokwenzanjani ukuzama ukuhlangabezana nezindleko zezingqalasizinda, kanjalo nezinhlelo zokuzama ukufukula abantu abasha.

Ngesonto eledlule ngesikhathi uMengameli wezwe uJacob Zuma evula iPhalamende, wathinta kancane udaba lwesibonelelo sabantu abasha abangasebenzi, wathi kunesivumelwano esikhona phakathi kweqembu nezinhlangano ezidlelana nalo.

“Kumele ungqonqgoshe abuyisele ithemba kubatshalizimali bakuleli kanjalo nabasenazweni ngaphandle. Kumele babone ukuthi umnotho wezwe uzinzile.”





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...