Kumele abantu bayivotele indaba yama-etolls

2013-02-20 10:05

Johannesburg - Isazi somthetho sesicele uhulumeni ukuthi ahlele kube nokhetho ngodaba oluthinta ama-etolls, kube abantu abavotayo basho noma bayahambisana yini nalokhu.

Usolwazi uMarinus Wiechers usho kanjena ekhuluma nephephandaba iBeeld, wathi kubaluleke kakhulu ukuthi kwazeke izimvo zomphakathi ngalolu daba. 

"Kubalulekile ukuthi uhulumeni abe nezithangami ngalolu daba, ikakhulu njengoba noMthethosisekelo usho kanjalo."

UWiechers uthi uMthethosisekelo awusho ukuthi kumele zibe kanjani lezi zithangami noma ukulalelwa kwezimvo.

"Abantu baseGauteng bazwakalise izinkonondo bethi abantu ababandakanywanga kangako kulolu daba. Ukubuyela kubantu kuzwakale ukuthi bathini, kungaba wusizo," kuqhuba uWiechers.

Umkhulumeli weHhovisi likaNdunankulu eGauteng uMaplakala Motloung, akafunanga ukuphawula ekutheni uhulumeni umi kuphi ngalesi siphakamiso.

Mhlaka-25 Januwari, iNkantolo eNkulu ePitoli yanika abe-Opposition to Urban Tolling Alliance (OUTA), igunya lokuphikisa isinqumo senkantolo esithi akuqhutshekwe nalolu hlelo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...