Kulindelwe isinqumo ngesikhangiso esigxeka u-Cell C

2014-11-13 07:56

Johannesburg – Inkantolo eNkulu eGoli ngoLwesine kulindele ikhiphe isinqumo ngesicelo sabakwa-Cell C mayelana nesikhangiso esigxeka le nkampani.

Isikhangiso safakwa uGeorge Prokas enxanxatheleni yezitolo iWorldWear Mall kuBeyers Naude Drive ngoNovemba 6.

Sinomdwebo wakwaCell C kanti sifundeka kanje: “Inkampani ebhedayo kunazo zonke eNingizimu Afrika – uCell C eSandton City.”

Sinegama lemenenja yesitolo nenombolo yayo yocingo.

UChristopher Whittcutt, omele uCell C, ngoLwesithathu utshele inkantolo ukuthi lesi sikhangiso sehlisa isithunzi.

UShem Symon, omele uProkas, ubuze ukuthi le nkampani ingasifaka kanjani isicelo sokuba kungenelele inkantolo kumiswe isikhangiso ekubeni sesifakiwe vele.

Inkinga yaqala ngefoni uProkas ayeyithengele indodana yakhe kwa-Cell C ngo-2013.

Funda nalolu daba: Ikomidi lifuna izisebenzi zePosi zibuyele emsebenzini.

Inombolo yefoni kwavela ukuthi ibhaliswe ngegama lomunye umuntu, obeyisebenzisa futhi obesekweleta u-R5 000.

Ngesikhathi esezama ukuthenga imoto ngasekuqaleni kuka-2014, uProkas wathola ukuthi igama lakhe selifakwe ohlwini lwabantu abangakhokhi kahle ngenxa ka-R5 000.

Wazama ukuxoxisana nabakwa-Cell C ukuba kwesulwe isikweletu, kodwa kwangenzeka.

UProkas wabazisa abakwa-Cell C ukuthi uzofaka isikhangiso uma lolu daba lungalungiswa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...