Kulimale 25 kubhikishwa eMedupi

2013-01-17 07:52

Lephalale - Kulimale abasebenzi abangu-25 ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho lapho kuphehlwa khona ugesi eMedupi, eLephalale, eLimpopo, kusho inkampani esiphakela ugesi kuleli u-Eskom.

Kuqubuke udlame ngesikhathi ababhikishi bezama ukuvimba amabhasi ayisa ozakwabo lapho kwakhiwa khona.

Kudingeke ukuthi kumiswe ukwakha ekuseni ngoLwesine ngenxa yesiteleka.

“Lesi siteleka sisuswe ngabasebenzi abaqashwe yizinkontileka eMedupi, nokudale ukuthi abasebenzi bagodukiswe, ukuze kuqinisekiswe ukuphepha.

“U-Eskom ngeke ukwazi ukugqugquzela udlame. Kulabo abalimele sithi abalulame ngokushesha."

UNobhala Jikelele weNumsa u-Irvin Jim uthe abaphathi yibo abagqugquzele lo mbhikisho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 -


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...